Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Abafowabo basebemhawukela; kodwa uyise waligcina ilizwi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:11
20 Referans Kwoze  

“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.


Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.


Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka, nabacindezela uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda, noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova.


Wathi: “Ngena wena obusisekileyo kaJehova; umelani ngaphandle na? Mina sengilungisile indlu nendawo yamakamela.”


Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi.


UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite