Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 36:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri: u-Esawu ungu-Edomi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 36:8
21 Referans Kwoze  

UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”


Abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo entabeni yaseSeyiri ukuba babachithe, babaqothule; sebebaqedile abakhileyo eSeyiri basiza, kwaba yilowo nalowo, ngokubulalana bodwa.


“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,


Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi.


Ngamupha u-Isaka oJakobe no-Esawu; ngamnika u-Esawu intaba yaseSeyiri ukuba ayidle; uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibithe.


ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.


Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.


namaHori entabeni yawo iSeyiri, kwaze kwaba se-Eli Pharanu ngasehlane.


Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.


Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,


njengalokho ebenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;


Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi, naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwaJuda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,


U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.*


Waziyala ngokuthi: “Niyakukhuluma kanje enkosini yami u-Esawu, nithi: ‘Inceku yakho uJakobe ithi: Ngigogobele kuLabani, ngilibele kuze kube manje;


nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.


USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.


Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”


Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite