Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 34:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 34:7
27 Referans Kwoze  

Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.


Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”


bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,


Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.


Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.


ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,


Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.


Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.


“Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,


Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.


Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye.


UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe.


“Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite