Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 34:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 34:2
23 Referans Kwoze  

“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?


USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.


niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.


Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemise khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu.


U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.


namaHivi, nama-Arki, namaSini,


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


UGali indodana ka-Ebedi wathi: “Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali,* noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?


Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”


UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.


Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite