Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 34:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Insizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayithokozile ngendodakazi kaJakobe, futhi yayinodumo kunendlu yonke kayise.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 34:19
15 Referans Kwoze  

UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”


Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.


Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.


UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.


U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?


UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala.


Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.


UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori.


OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite