Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha u-Esawu wathi: “Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 U-Esawu wathi kuye: “Nginokwanele mnawami, zigcinele wena imfuyo yakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wayesethi u-Esawu: “Nginokuningi, mfowethu; gcina lokho onakho kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:9
13 Referans Kwoze  

U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: “Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu.


ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.


angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?” UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”


U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?” Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?”


“Umnyundu unamadodakazi amabili athi: ‘Siphe, siphe.’ “Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi, nezine ezingasho ukuthi: ‘Kwanele!’:


Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”


UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite