Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa entanyeni yakhe, wamanga; basebekhala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:4
18 Referans Kwoze  

Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.


Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.


Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.


Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.


UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.


Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.


Wayeseya uJowabe enkosini, wayitshela; isimbizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo, ubuso bakhe bubheke phansi, phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite