Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.” UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Thathani isibusiso sami esilethwa kini; ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa, nangenxa yokuthi nginokuningi. Wamncenga, wakwamukela.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:11
21 Referans Kwoze  

Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Manje-ke, lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


UNahamani wathi: “Vuma, wamukele amatalenta* amabili.” Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.


Kepha u-Esawu wathi: “Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.”


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu,


“Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.


Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.


UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:”


Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.


Wathi: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi.” Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.


UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.


Wayesethi: “Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.”


Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobo busuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite