Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wahlukanisa abantu ababe naye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, izigaba ezimbili;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:7
22 Referans Kwoze  

sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”


Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.


UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo, amfundise.


Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,


Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.


Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.


Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.


UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.


Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.


Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


wathi: “Uma u-Esawu efika kwelinye iqembu, alichithe, iqembu eliseleyo liyakubaleka.”


UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite