Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Wavuka ngalobo busuku, wathatha abafazi bakhe ababili nezincekukazi zakhe ezimbili namadodana akhe ayishumi nanye, wadabula isigodi saseJabhoki.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:22
10 Referans Kwoze  

AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.


Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.


uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.


UJakobe wathi kuLabani: “Nginike umkami, ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.”


Sase sihamba isipho phambi kwakhe, kepha yena wahlala ekamu* lobo busuku.


Wabathatha, wabawelisa emfuleni, wakuwelisa nalokho anakho.


Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite