Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:2
17 Referans Kwoze  

U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,


Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,


Yathi: “Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova.” UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: “Ithini inkosi yami encekwini yayo na?”


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.


Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.


“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.


Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho ngiphumile kuso, siyakufika isikhulu saseJavani.


Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.


Bongani uJehova nina mabandla onke akhe, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.


no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,


U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.


Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite