Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 izimbuzikazi ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 izimbuzikazi ezingama-200, nezimpongo ezingama-20, izimvukazi ezingama-200, nezinqama ezingama-20,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 izimpongo ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:14
13 Referans Kwoze  

Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.


Kwakukhona umuntu eMahoni onemfuyo yakhe eKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, wayenezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.


Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”


Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


“Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.


Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:


namakamela asengwayo angamashumi amathathu namathole awo, nezinkomazi ezingamashumi amane, nezinkunzi eziyishumi, nezimbongolokazi ezingamashumi amabili, namathole ayishumi.


Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke.


Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*


Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite