Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Angifaneleki umusa wakho neqiniso lonke olenze encekwini yakho; ngoba ngadabula leli Jordani ngentonga yami; futhi manje sengingamaqembu amabili.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:10
33 Referans Kwoze  

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.


yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”


Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Ngiyakubonga umusa kaJehova, ngimdumise uJehova ngakho konke uJehova asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”


Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.


Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.


UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,


nginezinkabi, nezimbongolo, nezimvu, nezinceku, nezincekukazi; sengithumele ukubika enkosini yami ukuba ngithole umusa emehlweni akho.’ ”


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”


Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.


UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.


Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.


Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.


UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite