Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wamnika uBiliha incekukazi yakhe ukuba abe ngumfazi; uJakobe wangena naye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:4
12 Referans Kwoze  

“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura.


Nesancinza sakhe esigama laso lalinguRewuma sazala oTheba, noGahamu, noTahashi, noMahakha.


Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.”


USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi.


UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.


ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha, abe yincekukazi yakhe.


Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite