Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kwathi uJosefa esezelwe, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami yokuhlala nasezweni lakithi.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:25
13 Referans Kwoze  

Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”


Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”


ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.


NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”


Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”


Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.


ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma no-Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.


Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite