Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Intukuthelo kaJakobe yamvuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu owagodla isithelo sesisu sikanyoko na?”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:2
17 Referans Kwoze  

USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”


kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe.


UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.


UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?


UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.


U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.


Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.


wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite