Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 URaheli esebonile ukuthi akamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba nomhawu ngodadewabo; wathi kuJakobe: “Nginike abantwana bami, funa ngife.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:1
26 Referans Kwoze  

Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.


Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.


ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?


Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.


nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.


yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova.


Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke.


“Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


UMose wathi kubo: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.”


Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”


indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi, nomlilo ongasho ukuthi: ‘Kwanele!’


Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite