Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:8
20 Referans Kwoze  

Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,


Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,


UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi:


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.


Ngalokho siyakufelani na? Ngokuba lo mlilo omkhulu uyakusiqeda; uma silizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?


Amafu ayamsibekela ukuze angaboni; uyahamba esiyingelezini sezulu.’


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma no-Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite