Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 INkosi uNkulunkulu yathi: Bheka, umuntu usenjengomunye wethu ukwazi okuhle nokubi; futhi manje njengoba engaseluli isandla sakhe futhi futhi athathe emthini wokuphila adle futhi aphile kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:22
15 Referans Kwoze  

“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.


UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.


UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.


UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite