Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:19
33 Referans Kwoze  

uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.


Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.


Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.


Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?


Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.


“Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”


Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”


Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.


Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.


Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.


Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe, naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.


Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.


Nalapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”


Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.


kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.


Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.


Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite