Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:15
48 Referans Kwoze  

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;


Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.


Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.


wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?


Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.”


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?


Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;


Nawe-ke mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba uyakuhamba phambi kweNkosi ukulungisa izindlela zayo


baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu.


UDani uyakuba yinyoka endleleni, inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.


Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite