Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:2
12 Referans Kwoze  

Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.


Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi.


Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.


Kwabuthelwa khona imihlambi yonke, balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu, balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.


Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite