Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: “Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UJakobe waphaphama ebuthongweni, wathi: “Nembala uNkulunkulu ukule ndawo, bengingazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJakobe waphaphama ebuthongweni bakhe, wathi: “Impela uJehova ukhona kule ndawo; futhi bengingakwazi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:16
14 Referans Kwoze  

Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa: “Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho, ngokuba indawo omi kuyo ingcwele.” UJoshuwa wenze njalo-ke.


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


Wathi: “Ngilapha.” Wayesethi: “Ungasondeli lapha; khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.”


Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki.


Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa.


UJehova Sebawoti, mngcweliseni yena, kube nguye enimesabayo, yebo, kube nguye eninovalo ngaye.


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.


UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: “Mose, Mose!”


Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: “Uvuna thina noma izitha zethu na?”


USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.


Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?


Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite