Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UJakobe wasuka eBheri Sheba walibangisa eHarana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJakobe wasuka eBherisheba waya eHarana.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:10
14 Referans Kwoze  

Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi, walusa umhlambi ngenxa yomfazi.


Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.


Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.


U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.


Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri Sheba.


Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,


UJakobe wathi kubo: “Bazalwane, nivelaphi na?” Bathi: “SingabakwaHarana.”


U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”


Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite