Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 27:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 Manje-ke ndodana yami ngilalele, baleka njengamanje uye kumfowethu uLabani eHarana,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Manje, ndodana yami, lalela izwi lami; futhi wasukuma, wabalekela kuLabani umfowethu eHarana;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 27:43
14 Referans Kwoze  

Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho.


UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.


Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.


nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu,


URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani; uLabani wagijimela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.


UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.


URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.


U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.


UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”


u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite