Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Bathi: “Kuyasikhanyela ukuthi uSimakade unawe. Yikho sithi: ‘Masenze isifungo phakathi kwethu nawe, kube khona isivumelwano phakathi kwethu,’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Base bethi: “Sibonile nokubona ukuthi uJehova unawe; sathi: ‘Makube khona isifungo phakathi kwethu, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:28
21 Referans Kwoze  

Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe, nabantwana babo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayakubavuma ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”


UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe.


Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise.


okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova, niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.


Lapho uyobe ukhululekile esifungweni sami, nxa ufika ezihlotsheni zami; noma bengamniki kuwe, uyobe usukhululekile esifungweni sami.’


Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.


Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”


USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.


Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite