Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Waba nemfuyo, nemihlambi, nomndeni omkhulu kwaze kwavuka umona ngaye kumaFilisti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba wayenezimvu nezinkomo, nezinceku eziningi, amaFilisti aba nomona ngaye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:14
16 Referans Kwoze  

Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.


U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho.


Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite