Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Isaka wahlwanyela kulelo zwe, wazuza ngokuphindwe kayikhulu ngawo lowo mnyaka, uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:12
18 Referans Kwoze  

ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”


Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.


Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.


Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”


Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.


Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”


sokuthi awuyikusenzela okubi, njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusiswe nguJehova.”


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite