Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova, uNkulunkulu wezulu, owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami, owakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe; kumelwe athumele ingelosi yakhe phambi kwakho, futhi kumelwe uyithathele khona indodana yami umfazi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:7
39 Referans Kwoze  

Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,


abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


‘Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.’


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova, uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo.”


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


“Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.


Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,


Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.


UNkulunkulu wezwa izwi lomfana. Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini, yathi kuye: “Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.


Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Ngizakukufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu noNkulunkulu womhlaba, ukuthi awuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi phakathi kwawo,


“Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.


Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?


Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.


Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite