Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 “Yathi: ‘USimakade engiphila phambi kwakhe, uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, enze indlela yakho ibe yimpumelelo. Wena uzakutholela indodana yami umfazi kwelakithi nasezihlotsheni zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Yathi kimi: ‘UJehova engihamba phambi kwakhe uyakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; futhi kumelwe uyithathele indodana yami umfazi emndenini wakithi nasendlini kababa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:40
20 Referans Kwoze  

“Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.


Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.


ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,


Yathi kubo: “Ningangilibazisi, njengokuba uJehova eyiphumelelisile indlela yami; ngimukiseni ukuba ngiye enkosini yami.”


USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite