Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandleni zayo, amashekeli ayishumi egolide;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:22
16 Referans Kwoze  

Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


“Ngambuza ngathi: ‘Wena uyindodakazi kabani na?’ “Wathi: ‘Indodakazi kaBetuweli indodana kaNahori, amzalela yona uMilka;’ ngase ngifaka icici emakhaleni akhe namasongo ezandleni zakhe.


Kwathi esebone icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kaRebeka udadewabo, ethi: “Washo njalo lo muntu kimi,” waya kulowo muntu; bheka, wayemi ngakuwo amakamela ngasemthonjeni.


Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo,


Inceku yayisithatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo, yahamba, izinto zonke ezinhle zenkosi yayo zisesandleni sayo; yasuka, yaya eMesopotamiya emzini kaNahori.


“Wena uyindodakazi kabani na? Ake ungitshele. Kukhona indawo endlini kayihlo ukuba silale na?”


Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.


Ngayithenga insimu ese-Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli* ayishumi nesikhombisa esiliva.


“Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite