Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 23:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngingumfokazi nomfokazi kini; nginike indawo yethuna kuwe, ukuze ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 23:4
21 Referans Kwoze  

Ngokukholwa waba ngumfokazi ezweni lesithembiso kwangathi ngelezizwe, ehlala ematendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.


“Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.


“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.


umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;


Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.


Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye:


Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite