Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 23:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 U-Abhrahama wamngcwaba umkakhe uSara emgedeni osensimini eseMakhaphela ebhekene neMamre okuyiHebhroni eKhanani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kweMamre; yiHebroni ezweni laseKhanani.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 23:19
14 Referans Kwoze  

uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.


UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”


ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.


Kepha lapho sengilele kobaba, uze ungikhiphe eGibithe, ungimbele ethuneni labo.” Wathi: “Ngizakwenza njengezwi lakho.”


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”


kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.


Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.


Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite