Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:3
16 Referans Kwoze  

Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;


“Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.


ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi,


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”


Ngosuku lwesithathu u-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona indawo isekude.


nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite