Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:17
50 Referans Kwoze  

Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Bambusisa uRebeka, bathi kuye: “Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya,


uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”


Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.


wabanika leli zwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;


Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa, lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.


Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi.


uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.


U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa,”


Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.


UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”


akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”


Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.


Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.


“Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.


nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”


“Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite