Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:16
22 Referans Kwoze  

isifungo eyasifunga kubaba u-Abrahama,


avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


UJehova Sebawoti uzifungile wathi: Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi, bayakuhalalisa nokho ngawe.


Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”


Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”


Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,


ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.”


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Wathi: “Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite