Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ingelosi kaSimakade yaphinda yambiza u-Abhrahama ngokwesibili isezulwini, yathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ingelosi kaJehova yamemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:15
15 Referans Kwoze  

Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.


Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”


U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.


ithi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa,


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo, kepha isihlahla asiphelanga nokho.


ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.


Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.


Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga.


Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi:


Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.


“Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.


Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga,


Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite