Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:14
19 Referans Kwoze  

U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


U-Abrahama wathi: “UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami,” bahamba bobabili kanyekanye.


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Ingelosi kaJehova yayisimemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,


Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.”


Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite