Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 USara ebona ukuthi indodana ezalwa nguHagari umGibhithe, ayizalela u-Abhrahama, ihlekisa ngo-Isaka,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 USara wabona ukuthi indodana kaHagari umGibhithekazi ayizalela u-Abrahama iklolodela.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:9
19 Referans Kwoze  

UHagari wamzalela u-Abrama indodana; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli.


Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.


USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.


IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.


Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.


“Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.


Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.


Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite