Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Umntwana wakhula, walunyulwa ebeleni; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umntwana wakhula walunyulwa; u-Abhrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:8
16 Referans Kwoze  

Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.”


Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana.


Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.


USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.


Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.


Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili, waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathizitsha nelenduna yabaphekizinkwa phakathi kwezinceku zakhe.


ULabani wabutha abantu bonke bakuleyo ndawo, wenza idili.


Wabenzela idili, badla, baphuza.


Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.


ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,


U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;


Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.


Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”


USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa.


Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite