Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungijabulisile ngahleka, bonke abakuzwayo lokhu bazojabula kanye nami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 USara wathi: “UNkulunkulu ungenze ngahleka, ukuze bonke abakuzwayo bahleke nami.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:6
17 Referans Kwoze  

“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.


Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.


U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.


Uzakuba nokujabula nokuthokoza wena; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.


Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ongizalele laba, lokhu ngaphuciwe abantwana bami, ngingenalutho, ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na? Ngubani okhulise laba na? Bheka, ngasala ngedwa; laba babephi na?’ ”


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.


Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” emthokozisa nokumthokozisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite