Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 U-Abhrahama wahlanyela umthi eBherisheba, wakhuleka khona ibizo leN kosi uNkulunkulu waphakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:33
22 Referans Kwoze  

Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa,


Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.


UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: ‘Chitha.’


Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,


Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


“Ungazitshaleli u-Ashera* womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona.


Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla.


Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.


Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri Sheba.


UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.


Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.


UJehova uyakubusa kuze kube phakade.”


Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:


Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo; wena ukhona kwaphakade.


Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? Asiyikufa; Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite