Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 U-Abhrahama wayiqamba indodana ayizalelwe nguSara ngokuthi ngu-Isaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe ayizalelwayo, uSara amzalela yona, ngokuthi u-Isaka.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:3
11 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: “Ngo-Isaka iyakubizwa inzalo yakho.”


USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.”


okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,”


U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo;


Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.


Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.


Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”


UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.


Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”


Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite