Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abhrahama indodana esemdala, ngesikhathi uNkulunkulu ayekhulume naye ngaso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana ebudaleni bakhe ngesikhathi esimisiwe uNkulunkulu abesikhulume kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:2
12 Referans Kwoze  

Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.


Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.


Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba.


Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”


Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.


UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”


Ngokuba lingelesithembiso leli zwi lokuthi: “Ngalesi sikhathi ngizakufika; khona uSara uzakuba nendodana.”


Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite