Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Wasuka wathi qekelele, wahlala phansi ibanga elingangokuciba umcibisholo, ngokuba wathi: “Mangingakuboni ukufa komfana.” Wahlala phansi phambi kwakhe wadazuluka, wakhala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Wasehamba wahlala phansi maqondana laye, khatshana nje, njengokudubula komnsalo; ngoba wathi mangingaboni ukufa komntwana. Wahlala maqondana naye, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:16
16 Referans Kwoze  

“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.


ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi: “E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye,” kepha omunye wathi: “Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.”


Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.


Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.


UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala.


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?”


UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.


Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla.


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite