Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:14
28 Referans Kwoze  

Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Obusisa umngane wakhe ngezwi elikhulu, evuka ekuseni, kuyakubalelwa kuye ukuthi kuyisiqalekiso.


Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.


Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.


Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.


Bavuka ekuseni, bafungisana omunye nomunye; u-Isaka wayesebamukisa, basuka kuye ngokuthula.


Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.


Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.


Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.


Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile kanye nomvini waseSibima; amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo; afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.


U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.


Umuntu othile wamfumana ezulazula endle; lo muntu wambuza wathi: “Ufunani na?”


Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla.


Base bedla bephuza, yona nabantu eyayinabo, balala; sebevuke ekuseni, yathi: “Ngithumeni enkosini yami.”


U-Abrahama wayesebuyela ezincekwini zakhe; basuka, baya eBeri Sheba; u-Abrahama wakha eBeri Sheba.


U-Abrahama wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili ezincekwini zakhe, no-Isaka indodana yakhe; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.


U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.


U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.


Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”


Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla.


Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.


UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.


USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”


UHezekiya inkosi wayesevuka ekuseni, wabutha izinduna zomuzi, wakhuphukela endlini kaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite