Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Akashongo yini kimi wathi: ‘Ungudadewethu’ na? Naye luqobo uthe: ‘Ungumfowethu.’ Mina-ke ngikwenze lokhu ngenhliziyo emsulwa nangezandla ezingenacala.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Akashongo yini kimi ukuthi: “Ungudadewethu na?” yena wathi: “Ungumfowethu; ngobuqotho benhliziyo yami nangobumsulwa bezandla zami ngikwenzile lokhu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:5
21 Referans Kwoze  

UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.


“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,


noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.


Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.


Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala,


Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”


Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”


Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli* ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.”


Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite