Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Abhimeleki wamnika u-Abhrahama izimvu, izinkomo nezigqila zesilisa nezesifazane, wambuyisela nomkakhe uSara.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abimeleki wathatha izimvu, nezinkomo, nezinceku, nezincekukazi, wakunika u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:14
7 Referans Kwoze  

U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.


U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”


U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,


Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite