Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 U-Abhrahama waziphendulela wathi: “Kufike kimi umcabango wokuthi uNkulunkulu akesatshwa kule ndawo, ngizobulawa ngifele umkami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wayesethi u-Abrahama: “Ngokuba ngithe: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; futhi bazongibulala ngenxa yomkami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:11
16 Referans Kwoze  

Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.


khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”


Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.


U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Wabonani ukuba wenze lokhu na?”


Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite