Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kanye nazo zonke izimila zasendle zingakabikho emhlabeni, nezitshalo zonke zasendle zingakahlumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu akazange anise imvula emhlabeni, futhi kwakungekho muntu wokulima umhlabathi hhayi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:5
15 Referans Kwoze  

UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.


Ngokuba umhlabathi, ophuze imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;


yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu,


Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi.


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.


Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni,


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba.


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite